Abaphathi kuMasipala wase Harry Gwala bavakashele amaphrojekthi ahlukahlukene ukuhlola umsebenzi.
17 September 2025
Umphathi kumasipala waseHarry Gwala District, uMnuz Gamakulu Sineke, kanye nethimba lozakwabo ekubalwa abanye abaphathi kwiminyango eyahlukene kulo masipala, bahlanganyele kwelinye lamahhovisi labo eKostad ngenhloso yokuzoqinisa ubuhlobo nokuhlola umsebenzi njengabantu abasezikhundleni eziphezulu. Ithimba lihambele izindawo ezahlukene ekusandwa kufakwa kuzo imithombo yamanzi.
Loluhambo lanamuhla zingu-16 kuMandulo 2025, luqale eKostad Satellite Office, lwaphothulwa eMzimkhulu. Inhloso yaloluhambo bekuwukukhuthaza ubuhlobo kanye nokuveza isidingo sokusebenzisana kulomasipala , Ukuzibophezela kwizinqumo abazithathayo njengabaphathi, Ukufunda ukuthi iminyango ngokwehlukana kwayo yenzani kulomasipala.
Uhambo luqale kwiprojekthi Kempsdale Dam, eKostad, eBhongweni Reservoir okulapho kuphehlwa khona amanzi nase ndaweni yase Ncumeni, ngase eHarding (Mzimkhulu) okulapho kuhlanjwa khona amanzi bese edluliselwa kubantu.
Umphathi Kamasipala uMr Gamakulu Sineke uthe: ‘‘ Ubumbano yinto encomeka kakhulu futhi iyasiza ekutheni umsebenzi usheshe Ufike kubantu. Sizimisele ukuletha intuthuko kubantu njengo Harry Gwala District Municipality, Abantu abahlale ethembeni izikhalo zabo ziyezwakala kepha ngoba miningi inqubomgomo elandelwayo ekuletheni intuthuko. Amanzi ayimpilo kufanela abantu bebenawo umthombo oseduze, ayingathathwa kancane indaba yamanzi emiphakathini futhi ayikho inkinga yamanzi ekhona , izingqinamba ziyabakhona uma sisebenza, Amanzi ayimpilo ukuhlanzeka kuletha isithunzi’’, kusho uMnuz Sineke.